Nge-PayJustNow ungahlelela futhi uthole izimpahla zakho kusengaphambili, bese uzikhokhela kamuva. I-PayJustNow inikeza izinketho ezimbili zokukhokha;
1) Izitolimende ezi-3 ezingenanzalo ezikhokhwa ezinyangeni ezi-2, noma
2) Izitolimende ezi-12 (ezinenani elincane lenzalo) ezikhokhwa ezinyangeni ezi-11.
INDLELA OKUSEBENZA NGAYO
- Uma usukhokha (at checkout), khetha i-PayJustNow njengendlela yakho yokukhokha
- Qedela izinyathelo zokubhalisa ezisheshayo nezilula
- Khetha ukuthi Ukhokhe ngezitolimende ezi-3 noma Ukhokhe ngezitolimende ezi-12
- Uma ukhethe ukukhokha ngezitolimende ezi-3:
- Khokha u-33% wokuqala usebenzisa ikhadi lakho le-Visa noma le-Mastercard
-
Sizothumela i-oda lakho, bese i-PayJustNow izodonsa imali ngokuzenzakalelayo ekhadini lakho ukuze uqedele inani elisele ezinyangeni ezimbili ezizayo, ngezitolimende ezi-2 ezengeziwe
- Uma ukhethe ukukhokha ngezitolimende ezi-12:
- Khokha u-8% wokuqala usebenzisa ikhadi lakho le-Visa noma le-Mastercard
-
Sizothumela i-oda lakho, bese i-PayJustNow izodonsa imali ngokuzenzakalelayo ekhadini lakho ukuze uqedele inani elisele ezinyangeni ezi-11 ezizayo, isitolimende esisodwa ngenyanga
IZIDINGO
- Ikhadi ledebithi noma lekhredithi elikhishwe eNingizimu Afrika
- Inombolo kamazisi yaseNingizimu Afrika
- Iminyaka engaphezu kwe-18